Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abadubule iphoyisa lomgwaqo

2018-04-08 17:46

eLimpopo -  Iphoyisa lomgwaqo lilimale kabi ngemuva kokudutshulwa ngemuva kokudunelwa imoto ngaseThohoyandou.

Kukholakala ukuthi leli phoyisa belisebenza ngesikhathi limisa imoto ebishayelwa yilezi zigebengu ngeSonto.

Kuthiwa abasolwa baphoqe leli phoyisa ukuba lingene emotweni belikhombe ngesibhamu, bahamba nalo baze bafika endaweni eyihlathi.

OLUNYE UDABA:Udunelwe imoto obeyohlangana nomngani wakhe waku-Facebook

Lapha bafike balikhumulisa labanqunu balidubula ngaphambi kokubaleka.

Okhulumela amaphoyisa u Moatshe Ngoepe uthi imoto yaleli phoyisa itholakale ilaxazwe kwenye indawo.

“Amaphoyisa aseThohoyandou aphume umkhankaso wokuthungatha laba basolwa abadune imoto yephoyisa lisemsebenzini ngeSonto ekuseni,"kusho yena.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.