Amaphoyisa asaphenya ngokushona kwabahlanu engozini yetekisi

2018-04-23 16:07

eThekwini -  Amaphoyisa seNorthern Cape ngoMsombuluko aveze ukuthi aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

Lokhu kulandela isigameko sokushona kwabantu abahlanu engozini yetekisi eyenzeke ngaseKhathu.

Le ngozi yenzeke ngoMgqibelo ntambama lapho itekisi ebeliphuma endaweni yaseLaxy Village, ngaseKuruman, liqhuma isondo lase liyagingqika.

OLUNYE UDABA:Lisesimeni esibucayi ikhehla eliwe eladini emzini walo

"Leli tekisi ligingqike izikhathi ezimbalwa. Abesimame abane bashonele endaweni yesigameko, kanti owesihlanu ushonele esibhedlela saseKuruman," kusho uCaptain Sergio Kock.

UKock uthi abanye abagibeli abangu-11 baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala.

Uthi uphenyo lwabo lusaqhubeka, kubika iThe Citizen.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.