Amaphoyisa ase-KZN abulale umsolwa obefunwa ngamacala okuduna izimoto

2018-03-02 19:30

Durban – Isigelekeqe ebesifunwa phansi phezulu ngamacala okuduna izimoto, okusolakala ukuthi sisebenzisana nezinye eziwuhlupho KwaMashu, ePhoenix naseNtuzuma, sibulawe ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe leli thimba lamaphoyisa beliseNtuzuma ngoLwesine ebusuku lilandela umkhondo ngesikhathi libona imoto ebishayelwa ngumsolwa.

"Amaphoyisa azamile ukumisa le moto kepha umshayeli waphuma wabaleka ebheke ngasemizini yabantu, edubula ebhekise emaphoyiseni.

"Amaphoyisa abe eseyamjaha kwathi besagagazisana ngezulu lezandla, umsolwa wadubuleka washona. Kutholakale izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kuyena."

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa adubule, abulala abasolwa abahlanu ePinetown

UZwane uthe abanye abantu abane okusolakala ukuthi bayingxenye yalesi sigejane, bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesonto eledlule.

"Umsolwa wakhonjwa njengayena muntu owaduna imoto esigamekweni esenzeka KwaMashu ngoDisemba wonyaka owedlule. Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu ukuze kuqhutshwe uphenyo olunzulu.

"Izibhamu ezitholakale kuye zizoya kohlolwa ukuze kuvele ukuthi azikaze zisetshenziswe ezigamekweni zobugebengu esifundazweni na."

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokuzibophezela ekulweni nobugebengu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.