Amaphoyisa ase-KZN axwayisa ngomkhonyovu wokuqola abathenga izimoto

2018-01-11 07:07

Pietermaritzburg – Sezenyukile izigameko zokuqolwa kwabantu abasuke bezimisele ngokuthenga izimoto njengoba kufakwa izikhangiso ezingamanga emaphephandabeni nakwi-internet eMgungundlovu, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

Amaphoyisa eMgungundlovu athi zenyukile izigameko zokudayiswa kwezimoto kube kuqolwa abantu, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

"Abantu abasuke bengasoli lutho baba yizisulu zalezi zikhangiso ezingamanga bese befaka imali kuma-akhawunti abasolwa, ngaphandle kokubona imoto ngaphambi kokuyithenga nokuthi baqinisekise ukuthi yonke into yenziwa ngokusemthethweni," kusho uZwane.

UZwane uthe, esigamekweni sakamuva, owesifazane wadiphozitha u-R13 800 kwi-akhawunti yenkampani engumbombayi, eyayifake isikhangiso seToyota RunX edayisayo.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa axwayisa ama-blesser ukuba aphephe ngalesi sikhathi samaholidi

"Isisulu saqala saba nokusola ngesikhathi le moto ingasadilivwa, sase senza uphenyo sathola ukuthi le nkampani ingumbombayi futhi isikhangiso sasingamanga," esho.

UZwane uxwayise ngokuthi abantu kumele baqinisekise ukuthi bathenga okuyikho ngokuthi benze okufanele ukuqinisekisa lokho ngaphambi kokukhipha imali.

"Izisulu kuvamise ukuthi zifakwe ngaphansi kwengcindezi yokuba zithenge lokho okusuke kudayiswa kungenjalo kuzobaphutha. Ngenxa yokweswela bese ziyathenga kanti azazi ukuthi zingena ogibeni lwabacuphi."

Unxuse ababe yizisulu zalo mkhonyovu ukuba baxhumane namaphoyisa aseduzane noma bashayele iCrime Stop ku-08600 10111.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.