Amaphoyisa asedubule abasolwa ababili kusukelwana ngezimoto eKZN

2016-11-07 16:02

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Sekudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili kulandela ukusukelana ngezimoto kanye nokududulana ngenganono namaphoyisa ePinetown, ngoMsombuluko.

Ngokusho komthombo osondelene nalolu daba, nocele ukuba ungadalulwa, utshele iNews24 ukuthi le moto ibilokhu iqashwe ngeso lokhozi.

Kukholakala ukuthi abasolwa abane abebehlome bezingovolo bebehamba ngale moto ngesikhathi evinjezelwa ngamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa abane ngelokubulala usomatekisi waseNanda

Kube sekuqala ukusukelana, nalapho kubikwa ukuthi imoto yabasolwa ibilokhu isika ezinye izimoto esiminyaminyeni sezimoto, yaphinde yasuka emgwaqeni uStapleton Road yangena kuBradford Road, nokuyilapho umshayeli ehluleke ukuyilawula maqede yayokhalakathela engadini.

Kodwa-ke abasolwa kuthiwa abaliphonsanga ithawula njengoba kusolwa ukuthi babe sebehlaba ngonyawo, besukelwa ngamaphoyisa.

Kulo mdonsiswano kugcine kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili, kwathi abanye ababili babaleka.

Ngokusho kokhulumela, iRescue Care, uGarrith Jamieson, uthi abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko emuva kokuthola umbiko wokuthi sekudutshulwe abasolwa ababili.

Uthi bobabili laba basolwa abadutshuliwe batholakale beqashwe ngeso lokhozi amaphoyisa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.