Amaphoyisa aseKZN asaqhubeka nokuphenya izigameko zokuthunjwa kwama-albino

2016-07-18 11:34

Johannesburg – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi uphenyo lwezigameko ezibandakanya ukuthunjwa kwezingane eziphila nebala elimhliophe, ama-albino lusaqhubeka.

Iziphathimandla zicela amalungu omphakathi anolwazi ngesigameko sokuthunjwa komfana oneminyaka emine ubudala uManeliswa Ntombela owagcina ukubonakala eduzane nasekhaya eRichards Bay ngenyanga ephelile.

OLUNYE UDABA: Usesaba nokuyonandisa ngaphandle umculi wokholo

Uphenyo luyaqhubeka ngesigameko sowesifazane waseManguzi owazama ukudayisela umelaphi wendabuko ingane ephila naleli bala ngo-R100 000.

Amaphoyisa acela abazali namalungu omphakathi ukuba avikele izingane eziphila naleli bala ukuze zingathunjwa, kusolwa ukuthi zithunjelwa ukubulawela umuthi, kubika i-EWN.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane: "Namanje usafunwa umfana, 4, kanti siyacela kumalungu omphakathi ukuba avele ukuze lo mfana ezobuyiselwa kumndeni wakhe."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.