Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezintathu konogada bodumo lwe-video

2017-09-08 16:00

Durban - Amaphoyisa aseshaqe izibhamu ezintathu enkampanini ebiqashe onogada ababili ukuba bavikele uNobhala we-ANC eThekwini, uBheki Ntuli.

Kulezi zibhamu, kubalwa izibhamu ezimbili ezivele kwi-video esuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Kule video la madoda amabili abonakala ehlohla isibhamu i-AK-47 kanye nezinye ezahlukene, aphinde esabisa ngokubulala umuntu.

Azwakala ethuka inhlamba esho nokuthi kukhona ozolala emakhazeni.

OLUNYE UDABA:Baxoshiwe onogada ababonakala kwi-video besonga ngokubulala umuntu

Okhulumela amaphoyisa uJay Naicker uthe basebenzisana neNational Prosecuting Authority (NPA) kuleli cala.

"Lolu daba siluthathela phezulu, ngesikhathi i-video iqala ukuzungeza siqalise uphenyo sathola ukuthi ngobani abaku le video kanjalo nenkampani abayisebenzelayo. Sibe sesixhumana nenkampani yalabo nogada saxoxisana.

"Okwamanje sisashaqe izibhamu ezintathu. Sizophinde sisebenzisane na-NPA ukuze kuzohlanganiswa amacala okufanele babekwe wona. Izibhamu ezibonakala kwi-video ngezenkampani yonogada," kusho uNaicker.

Kamuva nje sekube nenqwaba yezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, obekusetshenziswa kuzo izibhamu zohlobo lwe-AK-47.

Abezindaba i-eNCA bathe le video itshengiswe izikhulu zikaKhongolose KwaZulu-Natal, zathembisa ngokuphenya.

 - SABC


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.