Amaphoyisa ashaqe ugwayi obiza u-R22m

2017-02-15 14:00

Johannesburg – Amaphoyisa aseshaqe ugwayi olinganiselwa ku-R22m ngokwenani ngoLwesibili, kusho UMkhandlu waseGoli ngoLwesithathu.

UMichael Sun, wekomiti lezokuphepha komphakathi, uthi amaphoyisa kaMasipala waseGoli  kanye neSouth African Police Service (SAPS) alunywe indlebe mayelana nogwayi okhishwe endaweni ehlala isitokwe ngendlela esolisayo, kuFortune Street.

OLUNYE UDABA: I-video: Izigebengu zibamba inkunzi

Ngesikhathi amaphoyisa efika afice abasolwa abangu-10 bekhipha amabhokisi elolini ebelikade lidunwe emgwaqeni u-N3 eduze neHeidelberg.

USun uthi leli loli belithutha ugwayi olinganiselwa eemalini engu-R22m.

Kuboshwe abasolwa ababili kanti abangu-8 bashaye utshani.

USun uthi lokhu kuyingxenye yochungechunge lobugebengu obuhleliwe nalapho izigebengu zeba impahla esezitokweni, ziyithuthele kwenye indawo bese ziyidayisa kabusha.

Imali eziyithola lapho iyona le ephinde isetshenziswe ukukhokhela izindleko zobunye ubugebengu obufuze lobu, ngokusho kukaSun.

USun uncome kakhulu amaphoyisa ngokubamba izigelekeqe, wathi uthemba ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luzoba nemiphumela emihle. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.