Amaphoyisa asolwa ngokushaya umfundi

2016-08-04 19:00

Johannesburg - Kusolwa ukuthi umfundi owenza u-grade 12 uhlukunyezwa ngamaphoyisa amabili esikoleni ngemuva kokuba kuzwakale ukuthi ugolozele uthisha ekilasini.

Umama walo mfundi olimele, uSalmina Langa, 45, waseMapela ngaphandle kwaseMokopane eLimpopo uthe uvulele la maphoyisa icala lokushaya ngoLwesibili kulandela isigameko athe senzeke ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa amahlanu athweswe icala ngokudubula intombazane

ULanga uthe indodana yakhe eneminyaka engu-20 ubudala, eyenza umatikuletsheni esikoleni eMaleya Secondary  esogodini saseGaSekuruwe ingeniswe esibhedlela iMokopane ngemuva kokulimala ezinqeni nasengalweni.

"Ubehluleka ukuhamba. Bnegiyibona nje ukuthi isezinhlungwini. Kungenzeka yini ukuthi amaphoyisa ashaye ingane yesikole? Ngibuhlungu," usho njalo.

ULanga uthe amaphoyisa ayesesikoleni ngemuva kokuba abafundi abane besolwe ngokweba amalaptop kodwa wathi indodana yakhe ibingesiyo ingxenye yabafundi abebesolwa.

Indodana yakhe yabizelwa nguthisha ka-grade12 egumbini lothisha okusolwa ukuthi watshela amaphoyisa ukuthi  ubenqaba ukulalela ephambana nomthetho wesikole.

ULanga uthe indodana yakhe yatshelwa ukuthi ilale etafuleni amaphoyisa ashintshana ngokuyishaya ngokuthile phambi kwabanye othisha.

ULanga uphinde wathi indodana yakhe yatshelwa ukuthi imazise ukuthi isendleleni eya esibhedlela. yelashwa yase iphuma ngezithuba zabo-20:00 ngalo lolo suku.

ULanga uthi wabizwa esikoleni nguthishanhloko ezinyangeni ezimbalwa ezedlule owayemsabisa ngokuyimisa esikoleni indodana yakhe ngenxa yokuziphjatha kwayo nokungabahloniphi othisha esikoleni, kubika iSowetanLive.

"Kodwa ngebe sengitshelwa ukuthi konke sekulungisiwe nokuthi angeke isamiswa. Isikole asikaze singazise ngokuziphatha kwendodana yami ngemuva kwalokho," usho njalo.

Okhulumela amaphoyisa aseMahwelereng Constable Sello Leso uqinisekise ukuphenywa kwamphoyisa  amabili ngokubandakanyeka ecaleni lokushaya ngenhloso yokulimaza.

ULeso uthe akukaboshwa muntu ngoba abasolwa bebengakahlonzwa.

Okhulumela umnyango wezemfundo esifudazweni uNaledzani Rasila uthe amaphoyisa anelungelo lokwenza umsebenzi wawo kodwa othisha banomsebenzi wokuqapha abafundi.

"Umama wengane uthathe igxathi elihle ngokuvula icala, sizowuyekelela umthetho uqhube."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.