Amaphoyisa atakule isidumbu somuntu okusolakala ukuthi ubulawe wumphakathi

2018-04-24 11:00

Amaphoyisa angabatshuzi e-Eastern Cape athole isidumbu sendoda, 21, eTsitsa River, kuTsolo, ngaseMthatha. Izandla zayo beziboshelwe ngemuva kwase kuthandelwa kuyo isikhwama esigcwele izimbokodo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Dineo Koena uthe abatshuzi base-East London nabaseMthatha bajutshwe kulo mfula ngoMsombuluko ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole ulwazi ngokubulawa kwamadoda amabili kwenziwa ngumphakathi waseMbokotwana A/A Gomeni, kuTsolo, nokuthi izidumbu zawo zilahlwe emfuleni.

"Kuzoqhubeka ukuthungathwa kwesisulu sesibili ngoLwesibili," kusho uKoena.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ubulale abasolwa ngobugebengu

UKoena uthe imbangela yalesi sigameko ayikaziwa okwamanje, kepha kuvulwe amacala amabili okubulala.

Lowo oyibamba likamkhuzi wamaphoyisa eMthatha, uBrigadier Nomawethu Makonza, uthe amaphoyisa azobathola abenzi bokubi.

"Siyasigxeka kakhulu isenzo sokuthi abantu bazibambele umthetho ngezandla. Sithanda ukuxwayisa labo abathintekayo ngokuthi bazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela," kusho uMakonza.

Amaphoyisa anxuse ongaba nolwazi ukuba awalekelele kulolu phenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.