Amaphoyisa athi asezithendeni zabasolwa ngokugebenga uthishanhloko KwaMashu

2017-03-23 19:30

Durban - Amaphoyisa namanje asathungatha abanye abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubanjwa inkunzi kukathishanhloko KwaMashu, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Abasolwa abathathu kwabangu-13 abaneminuyaka ephakathi kwengu-18 nengu-19 ubudala baboshwe ngoLwesithathu ngokubamba inkunzi behlomile.

Uthishanhloko wesikole iSbonise Primary wabanjwa inkunzi waphucwa i-laptop, i-internet modem, amaselula amabili nezikhiye zemoto ngoLwesibili ntambama ngezithuba zabo-14:30.

OLUNYE UDABA: Sithi sebelwa i-laptop ka-R12 000 isihlabani seHip Hop

Izigebengu zabe seziqonda emotweni yakhe zathatha imali ngaphambi kokubaleka ngonyawo.

Ngaphambi kwesigameko uthishanhloko wabona amadoda amabili ayezenza abantu abafuna ukuphuza amanzi esikoleni, kusho amaphoyisa.

Ngesikhathi esebuyela ehhovisi lakhe, abasolwa ababili balandela bamkhomba ngesibhamu.

"Kwabe sekungena abanye abasolwa ehhovisi," kusho uColonel Thembeka Mbhele.

UMbhele uthe amaphoyisa abikelwa ngesigameko, ngosizo lomphakathi abasolwa bakwazi ukutholakala, kwaboshwa abathathu.

"Amaphoyisa athole impahla eyebiwe. Abasolwa ababoshiwe bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngecala lokuphanga behlomile.

" Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa abasagcwele amathafa kanti akusekudala baboshwe," esho.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.