Amaphoyisa athole ngebhokisi lomngcwabo emgwaqeni

2017-02-07 14:33

Johannebsurg - Lithuthelwe esiteshini samaphoyisa aseHoneydew ibhokisi lomngcwabo eliyisekeni elitholakale eceleni komgwaqo eBromhof, eRandburg, ngoLwesibili, ngomhlaka-31 Januwari, kubika iRandburg Sun.

Leli sekeni lebhokisi lomngcwabo, icasket, litholwe amaphoyisa ngesikhathi eqhuba umsebeni wawo ekhoneni likaHawken Avenue noSteenloper Street.

Yize bengatholanga lutho phakathi, leli bhokisi lithuthelwe esisteshini samaphoyisa ukuze lizohlolwa.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa ngokweba umshini wokwehlisa ibhokisi

Namanje akucaci ukuthi noma leli bhokisi limbiwe emathuneni noma belisetshenziselwa ukushushumbisa impahla engekho emthethweni. Yize kunjalo abasemakhazeni akwaDoves bahlole leli bhokisi bathi alimbiwanga emathuneni.

UDonivon EsterhuizenwakwaDoves uthe: " Akukho okutshengisa ukuthi libunile noma linesihlabathi kuleli bhokisi.

Uqhube ngokuthi abanye abantu bathenga amabhokisi bawagcine emizini yabo.

"Sekwake kwenzeka ukuthi abantu bathenge amabhokisi bawagcine ngenhloso yokuwasebenzise ngesikhathi esifanelekile. Bajwayele ukuwagcina ophahleni noma yikuphi endlini," kusho u-Esterhuizen.

Okhulumela amaphoyisa aseHoneydew uBalan Muthan uthe leli bhokisi lizobulawa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.