Amaphoyisa athungatha abadlwengule umfundi babulala umngani

2016-08-17 20:29

Port Elizabeth – Amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesithathu acela onolwazi olungabasiza ekusombululeni udaba lokubulawa komfundi waseNelson Mandela Metropolitan University, uThambani Ngwekazi, nolokudlwengulwa komngani wakhe, axhumane nawo.

UNgwekazi, 28, nomngani wakhe oneminyaka engu-21 ubudala kwadunwa imoto ababehamba ngayo yohlobo lweVW Gold ngesikhathi besalinde abanye abafundi ababezozikhipha nabo ngoMgqibelo ebusuku, kusho uColonel Priscilla Naidu.

Abesilisa abayisithupha babahlasela babaphoqa ukuba bangene ebhuthini lemoto bebakhombe ngesibhamu.

Funda nalolu daba: Kutholakale isidumbu sendoda emfuleni

Izigebengu zahamba nabo kwayiwa ebhishi ePort Elizabeth. Lapho kwadlwengulelwa khona isisulu esineminyaka engu-21 ubudala, kwadutshulwa uNgwekazi. Isidumbu sakhe satholakala sintanta emanzini ngaseBrighton Beach.

Izigebengu zabaleka nowesifazane zamshiya enkabeni yedolobha lasePort Elizabeth. Ekuseni ngeSonto wabikela amaphoyisa ngesehlakalo.

Imoto yatholakala kodwa bekungakaboshwa muntu.

Kucelwa onolwazi ukuba axhumane noCaptain Klippie Killian wasemaphoyiseni akuMount Road ku-083 391 2377, noma uConstable Nande Nkaza ku-082 442 1384 noma ku-08600 10111.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.