Amaphoyisa athungatha intombazane ebonakala iqabulana nobenguthishanhloko waseReiger Park

2018-01-30 19:37

Johannesburg - Intombazane yesikole ebandakanyekayo emikhubeni yocansi eyayigilwa esikoleni samabanga aphezulu saseGauteng kungenzeka ukuthi yahamba kudala kulesi sikole, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Isithombe sentombazane yesikole iqabulana nalowo obenguthishanhloko waseReiger Park NR 2 High School sibonakale sizungeza ezinkundleni zokuxhumana.

ULieutenant-Colonel Heila Niemand uthe abaseshi banezizathu zokukholelwa ekutheni lesi sithombe sathathwa eminyakeni emithathu eyedlule ngesikhathi le ntombazane yenza umatikuletsheni kulesi sikoleni.

UNiemand uthe amaphoyisa aphezu komsebenzi wokuthola ukuthi ngabe le ntombazane yayiphansi kweminyaka engu-18 ubudala na ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Uthisha ubanjwe oqotsheni enza ucansi nomfundi

Uma kunjalo, lo thishanhloko, owesule emsebenzini emasontweni amabili edlule, uzobekwa amacala amaningi okubalwa kuwo nawokukhiqiza izithombe zocansi olubandakanya izingane.

Ngokombiko weTimesLIVE, lo thishanhloko wafaka incwadi yokwesula ngo-Okthoba ngonyaka odlule wabe eseshiya ngomhhlaka-15 Januwari, ngemuva kwezinsolo zokuputshuka kwama-video amtshengisa egila imikhuba yocansi nabafundi, othisha nabanye abasebenzi besikole.

"Awekho amacala asevuliwe okwamanje njengoba sisazama ukuthola izisulu," kusho uNiemand.

Kubikwa ukuthi abanye othisha ababandakanyeka kulolu daba baqinisekisile ukuthi bazivumela ngokwabo ukwenza imigilingwane yocansi nalo thishanhloko emagcekeni esikole.

Lo thishanhloko ubesesebenze kulesi sikoleni iminyaka engu-15.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uthe sekuxoshwe izikhulu ezintathu nothisha abathintekayo ezithombeni eziputshukile kanjalo nothishanhloko.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.