Amaphoyisa athungatha isiboshwa esidedelwe ngephutha

2017-10-18 07:01

Modimolle - Amaphoyisa aseModimolle aphume umkhankaso wokuthungatha isiboshwa esidedelwe ngephutha ePitoli ngemuva kokukhokha ibheyili eyahlelwa ngomkhonyovu.

UJaco Opperman, 33, waboshwa eWitbank, eMpumalanga ngo-Agasti 2017 eboshwa abaseshi baseModimolle ngamacala okuqola abantu.

Okhulumela amaphoyisa uBragadier Motlapelo Mojapelo uthe kukholakala ukuthi lo msolwa wayefaka izikhangiso emaphepheni zokuthi udayisa ama-Buffalo wakhokhelwa izinkulungwane zamarandi ngamakhasimende ayefuna lezi zilwane.

Amakhasimende akhe aya emaphoyiseni ngemuva kokuthi lo mlisa anyamalala uma sebekhokhe imali yesibambiso.

Kwavulwa amacala amathathu enkohlakalo kanti amaphoyisa aphuma umkhankaso wokumthungatha aze ambamba.

OLUNYE UDABA:Owayedlala ku-PSL ubhadle ejele ngelokudlwengula

UMojapelo uthi u-Opperman wavela eNkantolo yeMantshi yaseModimolle ngomhlaka-20 Septhemba icala lakhe lahlehliswa, yena wayogqunywa esitokisini.

Lo msolwa wahanjiswa ePitoli nokuyilapho akhokha khona imali engu-R500 yebheyili yize engakaze anikezwe ibheyili ngesikhathi evela enkantolo okokuqala.

Kuze kwabonakala ngomhlaka-16 Okthoba nokungusuku obekumele avele ngalo enkantolo ukuthi usenyamalele.

Kuthiwa lo msolwa usevulelwe elinye icala lokweqa ejele.

Kubuye kwevulwa icala lokuphambana nengalo yomthetho kanye nokulekelela isigebengu seqe kuvulelwa imantshi kanye nephoyisa, okukholakala ukuthi yibona abamdedela.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.