Amaphoyisa athungatha 'owapansa' owesifazane izinqa

2016-12-14 12:30

Delportshoop – Amaphoyisa aseDelportshoop acela usizo lomphakathi mayelana nowesilisa okukholakala ukuthi uyathinteka kwelokuhlasela owesimame.

Kukholakala ukuthi lo mlisa useminyakeni eko-30 ubudala, unsundu ngebala kanti ubude bakhe bungalinganiselwa ku-1.6 wamamitha.

Kuthiwa lo mlisa uyathinteka esigamekweni esenzeka ngomhlaka-8 kuMfumfu 2016 ngo-4 ekuseni lapho owesimame owayehamba yedwa wazithola esebanjwa owesilisa izinqa ngaphambi kokuba amshaye.

OLUNYE UDABAKushone abasolwa abathathu bedubulana namaphoyisa

Kuthiwa lo wesimame wazama ukuzilwela kodwa umsolwa wamluma umunwe. Lo wesimame wathola indlela yokuphunyula komsolwa wabaleka eyofuna usizo komakhelwane.

Uma kukhona onolwazi ngmayelana nalokhu, angaxhumana nomseshi ophenyayo uConstable Ernest Raadt ku-053 5612 000/082 24484 850.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.