Amaphoyisa athungatha u-anti obaleke nengane

2017-10-03 18:00

Durban - Amaphoyisa asePort Shepstone aphansi phezulu athungatha owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala osolwa ngokuthumba ingane enezinyanga ezingu-9 izelwe.

UCaptain Nqobile Gwala okunguye okhulumela amaphoyisa, uthe lo wesifazane ogama lakhe nguNqobile Ndovela, ufunwa wuphiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences kuso lesi siteshi.

OLUNYE UDABA:Ivelile intombazane esolwa ngothumba ingane

Lesi sigameko senzeke ngomhlaka-23 Septhemba, kusho uGwala, eqhuba uthe kuthiwa le ngane yashiywa ngabazali bayo noNdovela okuvele ukuthi ungu-anti wengane.

UGwala ucele lowo onolwazi ngalolu daba axhumane noConstable Nurse Ngubane ku-039 688 7900 noma ku-082 334 9682 okanye ashaye ku-08600 10111.

N gesonto eledlule, iphephandaba ILANGA lakhuluma noMnu Charles Nkonyeni onguyise wengane, wathi indodana yakhe intshontshwe ngumzala wakhe, uNkz Nqobile Nkonyeni, 19, kumanje akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo nayo.

"NgoLwesihlanu ngibuye emsebenzini ntambama kukhona umzala wami waseGamalakhe, ongajwayele ukusivakashela.

"Sesiyolala ngoLwesihlanu ebusuku, ucele kunina wengane ukuyolala nayo ngamnqabela ngoba ngibona ukuthi isencane ukuthi ingalala ngaphandle kukanina. Ngimtshele ukuthi uzohlala nayo ingane kusasa uma sesiye emsebenzini," kusho uMnu Nkonyeni.

Uthi uvuke ekuseni ngoMgqibelo nonina wengane bahamba bashiya indodana yakhe nodadewabo - okuyibona abayigadayo uma besemsebenzini nonina wengane.

Utshele ILANGA ukuthi uthole ucingo esemsebenzini emini, udadewabo emtshela ukuthi ingane nomzala wakhe kabekho, kabaziwa ukuthi bashonephi. Uthi uzamile ukufonela umzala wakhe kodwa ucingo lwakhe beselungasangeni seluvaliwe.

 - KZN EYETHU

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.