Amaphoyisa athungatha umsizi kamshayeli wetekisi ogebenga abantu

2017-10-26 19:31

Cape Town – Amaphoyisa athungatha umsizi kamshayeli wetekisi obehamba egebenga abantu emgwaqeni ebakhomba ngesibhamu, kubika i-Daily Voice.

Lesi sigameko senzeke emgwaqeni uRochester, eSalt River, ngoLwesibili kanti konke okwenzekile kuvele emakhamereni akulo mgwaqo.

Amakhamera abonisa amadoda amabili ehamba ngetekisi, abuye avele sebehamba ngezinyawo ejaha umuntu.

Oyedwa kulaba basolwa ubonakale ekhipha isibhamu ekhomba umuntu bese emphuca umakhalekhukhwini.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zaseMlazi zihlela 'ukugadla emaphoyiseni'

URafiqa Booley oyingxenye yamalungu omphakathi aqapha ubugebengu eWoodstock, uthi lesi sigameko siqoshwe eduze komuzi wakhe.

Uthi uphume nomyeni wakhe beyolekelela isisulu ebesibanjwa inkunzi esizwakale sikhala sicela usizo.

“Ubephuma igazi esandleni nesithupha sakhe sivuvukele. Ubengakwazi nokusinyakazisa," kusho uBooley

UBooley uthi bashayele amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ngoba lo mlisa ubesezinhlungwini futhi ethukile.

"Ngibize amaphoyisa, ngabe senginikeza isisulu umbhubhudlo ngoba besithukile. Isisulu sithi sithuke sacishe soma ngesikhathi sijahwa ngabasolwa, kwaphetha ngokuthi sishelele sase siyawa," kuqhubeka yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.