Amaphoyisa athungatha ungqondongqondo owaka abantu imali

2017-10-24 19:29

Durban - Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ka-R10 000 kulowo ozolekelela ngolwazi olungasiza kuboshwe uPrince Mazibuko.

Le nsizwa eyaziwa njengomhwebi onezigidi zamarandi udume ngokuphila impilo yobukhazikhazi nangokuthi wathola ingcebo waba ngusozigidi eneminyaka engu-23 ubudala.

Amaphoyisa aseSandton asekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngamacala okuqola abantu izigidi zezimali.

Kuthiwa uMazibuko waduma ngokuhweba ngemuva kokuvula inkampani eyaziwa ngokuthi yi-BORN RICH GROUP esebenza ezimbonini ezahlukahlukene okubalwa kuzo ukuthuthwa kwempahla, ukuphatha imicimbi nokuqashisa.

Ngo-2013 wavula enye inkampani ebizwa nge-LIFE OVER FLOW EVENTS AND SOUND.

OLUNYE UDABA: MMM: Ngalahlekelwa ngu-R90 000 esikhundleni sokuba ngusozigidi ngokushesha

Kukho konke lokhu wayehamba eziqhenya emphakathini ngokuba wumfana osemncane kodwa osebenza kanzima ukufeza amaphupho akhe.

Yize kunjalo, baningi abantu abakhala ngokuqolwa yilo mlisa. Omunye wabo nguLina Mathebula othi wamqola imali engango-R500 000.

"Ngaba yisiphukuphuku ngilalela lo mlisa ngathatha yonke imali engangiyisebenze kanzima ngayinika yena ukuba angihwebele. Lokhu ngakwenza ngemuva kokuthi umngani wami angihlanganise naye," kusho uLina.

Lo mama uthi waqala ukuhlangana nalo mlisa ngoMeyi kulo nyaka wamtshela ukuthi akamthumele u-R500 000 ukuze azombalisela kule nkundla asebenza ngayo. "Ngagcina lapho ukumbona."

ULina uthi wamangala kakhulu ngesikhathi ezwa ukuthi akayena owokuqala ukugilwa nguPrince njengoba esefunwa ngamaphoyisa.

Amaphoyisa ophiko lwe-IRS anxusa umphakathi ukuba usondele ngaphambili ngolwazi olungaba wusizo kuboshwa lo mlisa.

Abanolwazi bangaxhumana nomseshi u-Enock Masingi ku-0861 911 477 noma ku-masingi@irsa.co.za.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.