Amaphoyisa awafuni ukusebenzisana ne-Ipid kolwephoyisa elabulawa

2017-01-20 10:00

Johannesburg - Uphenyo ngesehlakalo sokudutshulwa kwephoyisa laseKatlehong, uConstable Tshepo Tladi,  luphazanyiswa ukungafuni kwamaphoyisa ukusebenzisana nophiko olubheka ukusebenza, ngokusho komthombo ongaphakathi kwi-Ipid.

"Engingakusho ukuthi akukho ukusebenzisana. Kwakumele basinike i-video, kodwa banikeza abaseshi ama-memory stick amabili angenalutho,” kusho umthombo.

I-The Times ibika ukuthi iphoyisa elithintekayo kulesi sehlakalo lisesibhedlela.

"Lona wesilisa owadubula usesibhedlela. Unokhwantalala,” kusho umengameli weSA Police Union uMpho Kwinika.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kabi umnikaiz wesitolo ePMB

Ukuqinisekisile ukuthi amanye amaphoyisa ayekhona endaweni yesehlakalo asasebenza.

UTladi, 34, obengubaba wengane eneminyaka emibili ubudala, ‘wadutshulwa nguzakwabo’ washona ngesikhathi bedubulana nezigebengu ngeledlule.

Kwaqale kwabikwa ukuthi uTladi udutshulwe yizigebengu kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuvele i-video eveza uTladi edutshulwa nguzakwabo owayengemuva kwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.