Amaphoyisa axwayisa ‘abahlola’ u-10111 njengoba kuqhubeka isiteleka

2017-08-04 16:02

Cape Town – Amaphoyisa akuleli ngoLwesihlanu axwayise umphakathi wakuleli ngokuthi ungalokhu “uhlola”  inombolo yokubika ubugebengu yamaphoyisa ethi-10111 esikhungweni sawo esamukela izingcingo, njengoba abasebenzi bephinde bangenela isiteleka futhi.

Lesi sikhungo besilokhu sisebenza kanti sithwalwe kanzima ngenxa yenzingcingo ezingenasidingo nezingombombayi zabantu abebeshayela le nombolo ephuthumayo, uMajor-General Sally de Beer usho kanjalo.

Uthi kunezinhlelo esezivele zibekiwe zokubhekana nalokhu kanti seziqinisekisiwe ukuthi ziyasebenza njengoba kuyizo ezasetshenziswa ngesikhathi abasebenzi bakulesi sikhungo esibamba izingcingo beya esitelekeni ngenyanga edlule, usho kanje. Kwathunyelwa amaphoyisa ukuthi azothatha izintambo kubona.

OLUNYE UDABA: Babeke phansi izingcingo abasebenzi bakwa-10111

Uqhube wathi yize noma lesi siteleka sithathwa njengesivikelekile abasebenzi abangaphansi kwenyunyana yabasebenzi, iSAPU, kodwa umthetho wokuthi ongasebenzanga angeke aze ahole uzosebenza.

Balinganiselwa ku-5 000 abasebenzi abamelwe yi-South African Policing Union (SAPU) abangenela isiteleka ngenyanga edlule.

Sabe sesimiswa ngemuva kwezinsuku ezine ukuvumela iCCMA ukuthi isize izinhlangothi zifinyelele esivumelwaneni. I-SAPU ithi lokhu akuzange kuthele zithelo.

Abasebenzi baphinde bangenela isiteleka ngoLwesine njengoba befuna ukunyuselwa amaholo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.