Amaphoyisa axwayisa ama-blesser ukuba aphephe ngalesi sikhathi samaholidi

2017-11-21 12:30

eGoli -  Amaphoyisa asebenzela eSunnyside ePitoli axwayisa abantu ngokungabi yizisulu zobugebengu ngamabomu, kubika iThe Citizen.

La maphoyisa akhiphe isexwayiso ngoMsombuluko ngokuthi izigebengu zizama wonke amaqhinga ukuqola abantu, kanti kungahle kulimale onontandakubukwa abazibiza ngama-blesser.

"Sesiqalile isikhathi sokuzithokozisela amaholidi okuphela konyaka, sixwayisa kakhulu abashayeli bezimoto abazobe begcwele eSunnyside laba abazibiza ngama-blesser abavame ukuvakashela izintombi ezihlala kule ndawo, ukuba baqaphele.

"Ikakhulukazi labo abathanda ukuzibandakanya nabaqwayizi bakule ndawo nabathanda ukuzimatanisa namantombazane avame ukuhamba wodwa ebusuku kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Sibi isimo endondeni ebhaxabulwe kubangwa umqwayizi

"Esikhathini esiningi la madoda azibiza ngama-blesser avame ukugileka kakhulu kule ndawo eqolwa ngabesimame abazenza abaqwayizi kanti basebenzisana nezigebengu," kusho uCaptain Daniel Mavimbela.

Amaphoyisa athi ziningi izigameko ezibikwa emaphoyiseni akule ndawo ngamadoda amadala futhi acebile ajola nezingane ezincane avame ukuba wukudla kwezigebengu ezigcwele kule ndawo.

"Abashayeli bezimoto kumele baqinisekise ukuba izimoto zabo ziphephile, futhi baqikelele ukuba impahla yabo ebalulekile bayigcina ikubo ngaso sonke isikhathi uma bengena emafulethini," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.