Johannesburg - Kulindeleke ukuba amaphoyisa aseGauteng abonane nomama wengane yomfana enezinyanga ezingu-8 izelwe eyahlukunyezwa enkulisa yaseDiepsloot kanti kusolwa uthisha wayo.
Kuleli sonto, abe-Eyewitness News badalule ukuthi owesifazane oneminyaka engu-68 ubudala wathwetshulwa kanjani ngekhamera ngesikhathi eshukuza ingane, ezama nokuyivala umlomo ngesikhathi ikhala.
OLUNYE UDABA: Kuphenywa inkulisa kulandela ezokuphuzisa ingane insipho yezitsha
Amaphoyisa asemubophile lo wesifazane kodwa icala lahoxiswa ngenxa yokwentula kobufakazi.
Amaphoyisa anethemba lokuthi kuzovela amacala amasha.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Mavela Masondo, uthe bakhuluma nabanye abantu ababekhona ngesikhathi sesigameko.
"Uma kunabantu abake babona isigameko sokuhlukunyezwa kwengane bayacelwa ukuba bathintane namaphoyisa ukuze ezophenya."
UNgqonqgoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNandi Mayathula-Khoza uthe isigameko siyethusa.
Amaphoyisa afunge agomela ukugasela kuma-creche angekho emthethweni endaweni.
Ivideo:
- EWN
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter