Amaphoyisa azoqapha isimo kulandela izigameko zokubulawa kwabesifazane

2017-05-19 07:02

Johannesburg – Amaphoyisa omgwaqo iJoburg Metro Police Department (JMPD) asethembise ngokuthi angeke aphele emgwaqeni yedoloba kulandela izigameko zakamuva zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

ILungu leKomiti leMeya, uMichael Sun, uthe imibiko yakamuva yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane eGoli iyakhathaza.

"Ngenyanga edlule uKarabo Mokoena wabulawa ngesihluku washiswa, isidumbu sakhe satholakala lapho okulahlwa khona udoti.

OLUNYE UDABA:Kutholwe isidumbu sentombazane, 5, singenaso isitho sangasese nolimi

"Ngesonto eledlule, kubulawe abantu besifazane abathathu okusolwa ukuthi badlwengulwa, izidumbu zabo zatholakala eSoweto.

"Ngaphezu kwalokho kwadlwengulwe owesifazane ozithwele, 'edlwengulwa' amadoda angu-11 ngoMsombuluko," usho njalo.

Isidumbu sikaPopi Qwabe, 24, sitholakale elokishini eNaledi ngoLwesihlanu kanti esikamngani wakhe uBongeka Phungula, 28, sitholakale eTladi ngoMgqibelo.

Laba bebedabuka eThekwini, kanti bafika eGoli beyofuna amadlelo aluhlaza.

Esinye isidumbu sitholakale ngeSonto elokishini eNaledi ngesikaLerato Moloi.

Isidumbu sesine bekungakaziwa ukuthi ngesikabani sona sitholakale eMofolo ngeSonto.

USun ube esedlulisa amzwi enduduzo emindenini elahlekelwe wathi nakuba uphenyo lwenziwa ngaphansi kwamaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS), "thina njengabantu abasebenzela umphakathi edolobheni eGoli sizokwenza konke okusemandleni ukuvikela izakhamuzi zethu."

Amaphoyisa asesungule ithimba elikhethekile elizophenya ngokubulawa kwalaba besimame. Leli thimba lihlanganisa amaphoyisa ayishumi nesithupha esebenzela amayunithi ehlukene ngaphakathi emaphoyiseni.

 - The Star

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.