Amaphoyisa ezinsolweni zokwebela owokufika engu-R15 000

2016-08-04 19:00

Johannesburg- USarfraz Muhammed, 32, usola amaphoyisa ngokumevela imali engu-R15 000 ekhabetheni lakhe emzini wakhe oseVereeniging, kubika iSedibeng Ster.

Aqale asesha umuzi wami ebheka ugwayi ongekho emthethweni. Ngemuva kokungatholi lutho aqale amshaya ngaophandle kwesizathu.

Isigameko senzeke ngezithuba zabo-11:00 ngomhlaka-28 Julayi. Isisulu sithi savalelwa evenini yamaphoyisa ngaphambi kokudedelwa ngemuva kwemizuzwana.

OLUNYE UDABA: Bacela usizo abokufika eGoli

"Ngiyawazi amaphoyisa eba imali yami."

UMuhammed ube esevula icala lokushaywa nokweba esiteshini samaphoyisa.

Abanye osaomabhizinisi bokufika kwisifunda bathi sebekhathele ukuhlukunyezwa. Omunye usomabhizinisi wokufika kuleli  ongafunanga kudalulwe igama lakhe uthe sebecabanga nokuqoqa amasaka abo bahambe.

"Sesikhathele ukuhlaselwa ngobuzwe. Njalo uma amaphoyisa esebulawa yindlala, abantu bokufika ngabantu bokuqala abaphenduka izisulu," usho njalo.

Osomabhizinisi okubalwa kubo abadabuka ePakistani, eBangladesh nase-Ethiopia bamatasa babhala izikhalo zabo ezosayindwa ngabanye osomabhizinisi bneyibhekise kumengalmeli uJacob Zuma nokhomishana wamaphoyisa.

Owamaphoyisa uCaptain Fikile Funda uqinisekise ukuphenywa kwecala lokushaywa nelokweba. 

"Amaphoyisa aqoqa yonke imininingwane. Njengamanje bekungaboshwa muntu," kusho uFunda.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.