Abe-DA ne-EFF basabisa ngokuphazamisa inkulumo kaMengameli

2017-02-08 07:01

Johannesburg -  Amaqembu aphikisayo akhala ngokusatshiswa ngamasosha njengoba kwenziwa amalungiselelo enkulumo kaMengameli Jacob Zuma ebhekiswe esizweni.

I-Economic Freedom Fighters isigxekile isenzo sikaMengameli sokuqasha amalungu e-SANDF ukuthi alekelelane namaphoyisa ukuqapha isimo.

Leli qembu lithi lokhu kubonakala njengokuphehla udlame olubhekiswe kwizakhamuzi zakuleli, kubika i-eNCA.

OLUNYE UDABA:I-EFF ikhathazekile ngabagaqele ukuba sebhodini le-NYDA

Iqembu i-Democratic Alliance lithi lifuna umhlangano ophuthumayo neSishayamthetho.

Womabili la maqembu athi akukho okungawavimba ezinhlelweni zawo zokuqinisekisa ukuthi uMengameli ubhekana neqiniso.

Konke lokhu kwenzeka ngemuva kwesitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMengameli ngokuqashwa kwamasosha angu-441 azosiza ukugcina ukuthula kanye nokuziphatha kwabantu uma kuvulwa iPhalamende ngoLwesine.

Kanti nezintatheli nazo zizwakalise ukukhathazeka kulandela ukuthi kuvele ukuba zizongavunyelwa ukugcaluza yonke indawo uma sekuqhubeka lo mcimbi wokuvulwa kwePhalamende.

Izikhulu zigcine ziyiphebezile eyokuthi izintatheli ngeke zisebenze ngokukhululeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.