Amaqembu aphikisayo achitha isiphakamiso se-DA

2017-08-11 11:00

Pretoria – I-Economic Freedom Fighters ithi ngeke ihambisane nesiphakamiso seDemocratic Alliance sokuba kuhlakazwe iPhalamende bese kuyiwa okhethweni ngokushesha.

Lokhu kungemuva kokuba iCope ne-UDM bethe ngeke basiseke lesi siphakamiso esifakwe uSotswebhu weDA uJohn Steenhuisen ngoLwesine.

I-DA ibizwakalise ukuthi ilindele ukuba namanye amaqembu, ikakhulukazi i-EFF, isiseke lesi siphakamiso.

Kunalokho, okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi uthe okungenziwa yi-DA uma ifuna kuyiwe okhethweni ngokushesha ukuba amalungu ayo esule ePhalamende.

OLUNYE UDABA: I-DA izofaka isiphakamiso sokuhlakazwa kwePhalamende

“Uma i-DA ifuna ngempela ukuba kuhlakazwe iPhalamende, wonke amalungu ayo kumele esule njengamalungu alo, neqembu lesule ngokwesIgaba 46 (1) soMthethosisekelo, esithi iPhalamende kumele lingabi namalungu angaphansi kuka-350 nangaphezu kwangu-400,” kusho uNdlozi.

“Uma i-DA, enamalungu angu-89, yesula, iPhalamende ngeke lihlangabezane nesigaba 46 soMthethosisekelo, ngakho kuzobe sekudingeka ukuba lihlakazwe.”

USteenhuisen kodwa uthe akulona iqiniso okushiwo uNdlozi ngoba uma kuvuleka izikhala ePhalamende kuzobe kusho ukuthi kumele zivalwe, ngeke kuphoqe ukuba kuyiwe okhethweni. 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.