Amaqembu aphikisayo afuna ukuketula umbuso - ANCYL

2017-08-05 12:53

Johannesburg – I-ANC Youth League ithi inhloso enkulu yamaqembu aphikisayo ngokufuna kuvotwe ngokuyimfihlo esiphakamiswe sokungethenjwa kobuholi ukufuna ukukhipha iqembu elibusayo ezintambeni zoMbuso.

Esitatimendeni esikhishwe unobhala jikelele wophiko lwentsha uNjabulo Nzuza ngoLwesihlanu, uthe amaqembu aphikisayo aholwa yi-DA ne-EFF afuna ‘ukuketula umbuso’.

Uthi imizamo yamaqembu aphikisayo yokufuna ukugudluza uMengameli Zuma akukhona nje ukusebenzela uMthethosisekelo kodwa ukulwisana nesinqumo sentando yabantu – abakhetha uhulumeni oholwa yi-ANC ngesikhathi kuvotwa ngo-2014.

OLUNYE UDABA: Kushone 6 kungqubuzana amatekisi

Amaqembu aphikisayo alokhu enxesa amalungu e-ANC ePhalamende ukuba aphasise ukungethwenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma, nakuba i-ANC ixwayisa ngokuthi lokho kuzobe kuphambene nomyalelo wayo.

Nakuba i-DA phambilini ithe  kungaba kuhle ukuthi kusheshe kuyiwe okhethweni lukazwelonke, amaqembu aphikisayo esitatimendeni sawo asenze ngokuhlanganyela athe isiphakamiso asikho mayelana nokugudluza i-ANC ezintambeni zoMbuso kodwa uZuma.

Uphiko lwentsha kulindeleke lubeyingxenye yezinkulungwane zabantu abazovikela uMengameli zuma. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.