Amaqembu aphikisayo ahlukene phakathi ngokubanjwa kokhetho olusheshayo

2017-08-02 12:31

Cape Town – Amaqembu aphikisayo kuleli asekhombise ukubumbana emasontweni edlule ekunxuseni ukuthi uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni, kodwa kubukeka sengathi ahlukene phakathi ngokuthi yini okumele yenzeke uma ngabe siba yimpumelelo isiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma.

IDemocratic Alliance (DA) ePhalamende ngoLwesibili ithe kuzoba ngcono uma ngabe izwe libamba ukhetho olusheshayo uma ngabe uZuma ekhishwa emandleni ngevoti esiphakamisweni sokungamethembi ngomhlaka-8 Agasti.

USotswebhu omkhulu weDA, uJohn Steenhuisen, uthe umholi weqembu, uMmusi Maimane, useke wakusho ukuthi iDA ingathanda ukuthi kube nokhetho olusheshayo uma ngabe uZuma neKhabhinethi yakhe bekhishwa ngevoti.

“Into iNingizimu Afrika enayo akusiyo [nje] inkinga kaJacob Zuma, inkinga ye-ANC,” uSteenhuisen usho kanjalo ecaphuna uMaimane.

OLUNYE UDABA:Nakhu okuzokwenzeka uma liphumelela ivoti lokungamethembi uZuma ePhalamende

“Kuzoba ngcono uma ngabe izwe liya okhethweni bese likhetha uhulumeni omusha okhethweni olusha.”

Kodwa-ke i-Economic Freedom Fighters kanye ne-United Democratic Movement bayasichitha lesi siphakamiso sokhetho olusheshayo, nalapho eminye imithombo engaphakathi ithi lokhu kuzokwenza amaLungu ePhalamende e-ANC abe manqika ukweseka leli ivoti lokungamethembi uMengameli Zuma.

INews24 iyakuqonda ukuthi abaholi bamaqembu aphikisayo bebelokhu bebambe izingxoxo namaLungu ePhalamende e-ANC, bebathembisa ukuthi lesi siphakamiso sokungathembi uMengameli Zuma, asihlosile ukukhipha uhulumeni we-ANC, kodwa uZuma kuphela.

Amaqembu aphikisayo adinga okungenani amavoti angu-50 kumaLungu e-ANC ukuze isiphakamiso sokungamethembi uMengameli Zuma siphumelele.

Funda udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.