Amaqembu azophikisana ngenkulumo kaMengameli

2017-02-14 12:31

Cape Town – Amaqembu ezepolitiki azoba nenkulumo mpikiswano mayelana nenkulumo kaMengameli Jacob Zuma asanda kuyethulela isizwe, nokuzokwenzeka ngoLwesibili nangoLwesithathu.

Inkulumo kaMengameli yakulo nyaka iphinde yagubuzelwa ukubambana ngezihluthu, ukuthukana, ukuhhahhamezana kanye nokuduba kwamalungu ephalamende.

Ngosuku okwethulwa ngalo le nkulumo (ngoLwesine) zaziqinisiwe ezokuphepha ngaphandle kanye nangaphakathi ephalamende. Namaphoyisa ayebonakala egcwele yonke indawo enkabeni yedolobha iKapa.

OLUNYE UDABA: Sekudluliselwe ekomitini ukuxoshwa kwe-EFF noMadisha ePhalamende

Kodwa-ke labo abebehlela ezokuphepha bathi kwenziwe ihaba ngokuqina kwezokuphepha kwalo nyaka, bathi akukho simanga uma kuqhathaniswa neminye iminyaka.

Ngakolunye uhlangothi amalungu ePhalamende angamalungu e-EFF azobe engabonwa kule nkulumo mpikiswano kulandela ukukhishwa kwawo ngendluzula ePhalamende likazwelonke.

Kodwa-ke amalungu eDA, aphuma ahamba ngaphambi kokuthi uZuma athule inkulumo yakhe, athi wona azobe ekhona nakanjani.

Leli qembu lichaze inkulumo kaMengameli njengentekenteke, eqeda umdlandla, ehlukanisa ngokobuhlanga, futhi eyayingenayo imibono emisha yokuthi abantu abasha bazotakulwa kanjani ekuswelakaleni kwamathuba emisebenzi kanye nokulahlekelwa yithemba.

ICope kanye nomholi wayo, uMosiuoa Lekota, bathe bazolibamba iqhaza kule nkulumo kaMengameli. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.