Amaqembu ezepolikiti kumele adalule abaxhasi bawo - Inkantolo

2017-09-27 17:59

Cape Town – INkantolo eNkulu yaseWestern Cape isikhiphe isinqumo sokuthi iPhalamende kumele libuyekeze iPromotion of Access to Information Act (PAIA) ukuze amaqembu ezombusazwe azophoqeleka ukudalula abaxhasi bawo abazimele.

Inkantolo inikeze iPhalamende izinyanga ezingu-18 ukubuyekeza lo mthetho.

IJaji uYasmin Shenaz Meer ukhiphe lesi sinqumo ngoLwesithathu nokuyisicelo esafakwa enkantolo ngabe nhlangano i-My Vote Counts.

OLUNYE UDABA:Lesulile ijaji elathi ukudlwengula 'kuwusiko lwabantu abamnyama'

UMeer uthi kuyilungelo labantu abavotayo ukwazi ukuthi amaqembu abawavotelayo axhaswa ngobani.

"Lo mthetho wesibili wango-2000, awuhambisani noMthethosisekelo futhi uthathwa njengongaphelele njengoba ungagunyazi ukuvezwa kwemininingwane yabaxhasi abazimele bamaqembu ezepolitiki."

Lesi sinquymo sibandakanya namalungu angenela ukhetho ngawodwana kanye namakhansela amawadi okhethweni lwezindawo.

IMy Vote Counts iphinde yaveza ukuthi kumele kube khona uhlelo lapho amaqembu ezoveza khona ulwazi njalo uma ethola abaxhasi abasha.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.