Amaqembu ezombusazwe afisela abantu bakuleli iPhasika elibusisekile

2018-03-30 11:16

Durban - Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane uthathe ithuba wafisela abantu baseNingizimu Afrika amaholidi amnandi nabusisekile ePhasika.

"Egameni leDemocratic Alliance, ngithanda ukufisela bonke abantu abangamaKrestu iPhasika elihle nelibusisekile, kanjalo nabangamaJuda," esho.

Uthe iPhasika yisikhathi sokuba amaKrestu abungaze aphinde azindle ngokholo lwalo, ukuxolela kanye nokuthandana.

"UGudi kanye nosuku lwangeSonto yizoba zinsuku ezingcwele kakhulu ekhalendeni lamaKresu, njengoba zikhuluma ngokuzinikela kukaKrestu kanye nomyalezo wethemba lesiqalo esisha," kusho uMaimane ngesitatimende.

IPhasika likhuluma ngokuphulukiswa engcindezelweni kanye nenqubekelaphambili yabantu ekutheni bafinyelele enkululekweni.

"Nginxusa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela futhi bahloniphe abanye baphinde bahloniphe nemithetho yomgwaqo," esho.

Khonamanjalo, i-EFF nayo ifisele abantu bakuleli iPhasika elihle nelinezibusiso.

UKhongolose unxuse abantu ukuba bahloniphe imithetho yomgwaqo baphinde baqikelele ukuthi bafinyelela lapho eya khona bephephile.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.