Amasango avuliwe, kusho abebandla leNkosi uVela Shembe

2017-11-24 16:00

eThekwini - INkosi uVela "Imisebeyelanga" Shembe okuyiyona nkosi eyaqinisekiswa eNkantolo eNkulu yaseThekwini njengomholi ofanele ukuhola ibandla lakwaShembe ngokusemthethweni, isikhotheme.

Lokhu kwenzeka nje umbango wobuholi bebandla usaqhubeka njengoba abasebandleni laseBuhleni lona elimelwe yiNkosi uMduduzi "uNyazilwezulu" Shembe baveza ukuthi bazofaka isicelo sokusiphikisa isinqumo senkantolo.

Ukukhothama kwale nkosi ngezintatha zangoLwesihlanu kuzume kakhulu, njengoba ingazange igule.

UNkululeko Mthethwa okhulumela ibandla laseThembezinhle, uveze ukuthi bashaqekile beyibandla ngalokhu okwenzekile, kodwa ngeke bakhale kakhulu ngoba iNkosi iwenzile umsebenzi wayo wokubahola njengebandla.

“Sifunde lukhulu eNkosini, yingakho singeke sikhale sibheke emaceleni, kodwa sikhala sibheke phambili ngoba izimfundiso zayo zimi njalo,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:'Kusizumile ukudlula kweNkosi uVela Shembe ngoba kayigulanga'

Ngokusho kwakhe, iNkosi yayibakhumbuza ukuthi ithemba labo alihlale kuNkulunkulu ngaso sonke isikhathi.

“Okuhle ngeNkosi wukuthi ibe ngumholi oqotho futhi othembekile ngaso sonke isikhathi. Ibihlezi isitshela siyibandla ukuthi ithemba lethu kumele njalo lihlale likuNkulunkulu, singabheki yona ngoba luyofika usuku lokuhamba kwayo emhlabeni, ngakhoke abantu kumele baqinise okholweni lwabo,” kuqhubeka uMthethwa.

Ngesikhathi ebuzwa ngokuthi ngabe kukhona abakulindele ebandleni laseBuhleni, okungaba ngamazwi enduduzo nokubambisana njengoba bebhekene nesikhathi esinzima.

UMthethwa uthe: “Okwamanje besingakezwa lutho, kodwa futhi amasango avuliwe, njengenjwayelo. Uma kuvele isimo esifana nalesi ekhaya, wonke umuntu wamukelekile.

"Okubalulekile okumele sikwenze wukuthi sihlangane siwumndeni nebandla sidingide udaba lwakhe nakho konke okumele kwenziwe njengoba iNkosi ikhotheme, sizokwamukela wonke umuntu ozobambisana nathi kulokhu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.