Amazwe angomakhelwane asehoxise imikhiqizo yokusanyama evela kuleli ngenxa ye-listeriosis

2018-03-06 12:48

Johannesburg - Amazwe aseningizimu ye-Afrika athathe isinqumo sokungayamukeli imikhiqizo yenyama eqhamuka ezweni elingumakhelwane iNingizimu Afrika kulandela ubhedukane we-listeriosis.

Leli gciwane kutholakale ukuthi umsuka walo usefemini yakwa-Enterprise esePolokwane.

IMozambique neNamibia bamemezele ukuthi ngeke basayamukela imikhiqizo yalolu hlobo ephuma eNingizimu Afrika. IBotswana imemezele ukuthi izakhamuzi ziphindisele emuva ezitolo ezithenge kuyo le mpahla.

IZambia yona inxuse izitolo zaseNingizimu Afrika ezisebenzela kuleliya lizwe ukuba ziyikhiphe yonke imikhiqizo ethintekayo emashalofini.

Kusukela ngoJanuwari 2017, bangu-948 abantu abangenwe yi-listeriosis, okuyifiso esidalwa yi-bacteria etholakala emhlabathini, emanzini, ezitshalweni kanye nasendleni yezilwane.

Bangu-180 abantu asebebhuqwe yiso lesi sifo eNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: Konke esikwaziyo okwamanje nge-listeriosis

Amakhasimende abemi unjenga ngaphandle kwamafemu akwa-Enterprise ngenhloso yokubuyiselwa imali yawo abethenge ngayo le mikhiqizo.

"Sengiwudlile omunye upholoni nama-Russian. Angazi, mhlawumbe senginaso lesi sifo," kusho umshayeli wamatekisi uBongani Mavuso ubebambe ulayini ngaphandle kwasefemini yakwa-Enterprise eseGermiston, eGoli, eyobuyisela emuva impahla abeyithengile.

NgeSonto, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi umemezele ukuthi abantu bakuleli bagweme ukudla lonke uhlobo lwenyama egayiwe kulandela ukuvela kwalo bhedukane.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.