Amisiwe amaphoyisa omgwaqo abonakala kwi-video evungula ngemali

2017-11-03 16:01

Johannesburg - Amisiwe emsebenzini amaphoyisa amabili aseKurhuleni Metro Police Department kulandela ukusabalala kwevideo nezithombe zawo, kusho uChief Superintendent Wilfred Kgasago ngoLwesine.

La maphoyisa asebenzela eThokoza, empumalanga yeGoli, amiswe izinyanga ezintathu emsebenzini.

Lokhu kungemuva kokuthi evele ngaphambi kwesikhulu esiphezulu emaphoyiseni ngoLwesibili lapho enikezwe khona ithuba lokuba achaze ngokuthi kungani kungafanele amiswe emsebenzini, kusho uKgasago.

OLUNYE UDABA:Anetwetwe amaphoyisa adubula abulala uChillies

Kushaqwe izigqebhezana zawo ngoLwesithathu kanjalo nomfaniswano wawo.

UKgasago uthe esitatimendeni uphenyo lwangaphakathi luyaqhubeka. Laba bamiselwe ukululaza umnyango nokungaziphathi kahle.

Izithombe zitshengisa la maphoyisa egqoke umfaniswano wamaphoyisa edla isidlo sasemini, kugcwele nemali engo-R100 no-R200 ebhuthini yemoto yakwa-VW. 

I-video itshengisa la maphoyisa elalele umculo, edla ukudla evungula ngemali ebhuthini yemoto.

"Kudliwa inyama, kudliwa imali," kusho umuntu ngesiZulu, owesifazane eqopha i-video.

USimon Zwane we-Road Traffic Management Corporation ngaleso sikhathi waphawula wathi ukuziphatha kwala maphoyisa akuvumelekile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.