#ANC54: UCyril Ramaphosa

2017-12-17 12:09

IGAMA: Cyril Ramaphosa

IMINYAKA: 64

UMLANDO WOBUHOLI BAKHE: UCyril Ramaphosa wangena esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli we-ANC ngo-2012 ngaleso sikhathi wayehamba nezikaMengameli uJacob Zuma gesikhathi uKgalema Motlante owayeyiphini likamengameli ngaleso sikhathi eqhudelana noZuma esikhundleni sobumengameli.

Ngaphambi kwalokho wayenguSihlalo kaKhomishana ohlela umsebenzi kuzwelonke nokungukhomishana owazala iNational Development Plan.

OKUHLE NGAYE: Wasungula inyunyana yabasebenzi ethathwa njengenkulukazi kuleli lizwe i-National Union of Mineworkers.

Uthathwa njengomxhumanisi onobuhlakani ngenxa yendima yakhe yokuhula i-ANC kuCodesa neyaba ngenye yemihlahlandlela yokukhipha uhulumeni wobandlululo. Ngemuva kuka-1994 wakhethwa njengelungu lephalamende futhi wakhethwa njengosihlalo weConstitutional Assembly wadlala indima ebalulekile ekusungulweni koMthethosisekelo wakuleli.

Kunethemba kubatshali bezimali kanye nesezinkampanini okuyizona ezihlaziya umnotho wamazwe, ukuthi uzokwazi ukusingatha kahle umnotho waku leli ngoba ebukeka enolwazi ngakho. Lo mholi wesekwa kakhulu ngabe-SACP neCosatu okungamadlelandawonye we-ANC.

OKUBI: Indima yakhe kwisibhicongo saseMarikana. URamaphosa wayeyi-non-executive director eLonmin futhi uyena owabhala izincwadi ecela ongqongqoshi ukuba "bathathe izinyathele ezinqala" ukunqanda isiteleka sabasebenzi esingekho ethethweni. Yize axolise ngalokhu, kodwa abavukuzi abafuni nokuyizwa eyakhe.

IThimba AZOGADLA NGALO: URamaphosa wagxekwa kakhulu ngokumemezela ithimba azogadla ngalo uma kungukuthi uyasithola isikhundla sobumengameli. Nali ithimba azogadla ngalo:

IPhini likaMengameli: Naledi Pandor

UNobhala-Jikelele: Senzo Mchunu

IPhini likaNobhala:Zingiswa Losi

UMgcinimafa: Paul Mashatile

USihlalo kaZwelonke: Gwede Mantash

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.