Anetwetwe amaphoyisa adubula abulala uChillies

2017-09-14 17:59

Durban - Ayatatazela amaphoyisa asoleka kwelokubulala isigebengu sodumo eMlazi, uSandile "Chillies" Bhengu, 37, odutshulwe wabulawa ngeledlule esigcemeni sakwa-B eMlazi kusolwa ukuthi ubanjwe emotweni entshontshiwe ezama ukukhipha isiqophamkhondo (i-tracker).

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni engaphakathi emaphoyiseni ukuthi la maphoyisa asecele ukushintshelwa kwezinye iziteshi ezikude ngenxa yokuthi azibona engaphephile ngokudubula abulale uChillies.

Umthombo weLANGA uveze lokhu nje, kuthiwa la maphoyisa asehlabe ikhefu eliphuthumayo emsebenzini selokhu edubule lesi sigebengu sodumo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Amaphoyisa ahlome ayizingovolo emngcwabeni kaChillies

"Kumanje bashusha abaphathi ukuba babayise kwezinye iziteshi esizoba yimfihlo, sebeyesaba ukusebenza kulezi abasebenza kuzona. Selokhu kwenzeke lesi sigameko, kasikaze sibabone emagcekeni esiteshi abasebenzela kusona," kusho umthombo.

Kwenzeka lokhu nje, omunye wabangani bakaChillies okhulume emngcwabeni, ukubeke kwacaca ukuthi amaphoyisa adubula abulala umngani wabo bayawazi ukuthi angobani wabe esewasongela.

Abangani bakaChillies bakhala ngokuthi amaphoyisa kawahambisanga ngendlela efanele njengoba bethi amdubule esephakamise izandla, ekhombisa ukuthi usezinikele ukuba ambophe.

"Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, leli phoyisa elenze lokhu belijwayele nokuthatha imali yentshontsho kuChillies," kusho omunye wabangani bakhe.

UChillies ungcwatshiswe okweqhawe ngoMgqibelo ehholo lomphakathi esigcemeni sakwa-M eMlazi.

Amaphoyisa abechithiwe ukuba ayoqapha isimo eMlazi ukuthi kungashaywa izidudla, kuqhunyiswe nezibhamu, okuyinto evame ukwenzeka uma kungcwatshwa isela lezimoto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi bebengakezwa lutho ngodaba lokushintshelwa kwala maphoyisa kwezinye iziteshi.

Ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ahlabe ikhefu emsebenzini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.