Angahle abhekane nengalo yomthetho uDJ oveze ivoti lakhe ezinkundleni

2016-08-02 10:01

Durban - UDJ Sox angazithola evalelwe abakwazidlodlo ngemuva kokukhipha isithombe esiveza ivoti lakhe, kubika iSOLEZWE.

Lo DJ ogama lakhe langempela uMbuso Sokhela ufake isithombe enkunxeni u-Instagram lapho ekhombisa iphepha lokuvota.

USox waziwa njengesishoshovu se-ANC kuWadi 35 eMhlanga uthi uvele wadideka ethola izingcingo ezivela kubantu abaningi ngalesi sithombe.

Funda nalolu daba:Akuthathwa ama-selfie uma kuvotwa - IEC

"Ngivele ngadideka ngitshelwa ngesithombe engisifake ezinkundleni, ngisola ukuthi kukhona ociphize ucingo lwami ngephutha ngoba luselusha wafaka lesi sithombe ezinkundleni,"kusho yena.

Lo DJ uthi usheshe wasisusa lesi sithombe ezinkundleni ngemuva kokusibona ku-Instagram wakhe.

Abe-IEC bakubeka kwacaca ukuthi akukho semthethweni ukuthatha izithombe uma kuvotwa futhi bangahle bathathelwe izinyathelo abenzenjalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.