Angaphezu kuka-3000 amaphoyisa angenalo igunya lokuphatha izibhamu

2017-10-22 09:32

Pretoria – Angaphezu kuka-3000 amaphoyisa kuleli lizwe aphatha izibhamu, yize engazange aphase ngesikhathi eqeqeshelwa ukuphatha izibhamu.

Lokhu kubele ngesikhathi kuphendulwa imibuzo ephalamende.

Iqembu le-DA liveze ukuthi angu-3 473 amaphoyisa atholakala engaqeqeshekile ukuthi angaphatha izibhamu, kodwa ayaziphatha kanti futhi angu-11 334 angenazo izitifiketi eziwagunyaza ukuthi angasebenza ngezibhamu.

Lezi zimpendulo ezivela kuMnyango wamaphoyisa azidalulanga kahle ukuthi kulawa maphoyisa angu-11 334, mangakhi asenikezwe izibhamu.

OLUNYE UDABA:Anetwetwe amaphoyisa adubula abulala uChillies

Okhulumela uNgqongqoshe wamaphoyisa uVuyo Mhaga uthi lawa maphoyisa angu-3 473 analo igunya lokuphatha izibhamu, kungenzeka ukuthi inkinga abanayo eyokugcinwa kwamabhuku ahlekekile.

“Uhlelo lokugcinwa kwamabhuku alukavuselelwe,”kusho uMhaga echaza ukuthi kungani lawa maphoyisa abuye anikezwa izibhamu yize engazange anikezwe igunya.

Uthi labo okwakumele babuyise izibhamu kanye nalabo abangenazi izitifiketi zokuphatha izibhamu baphoqwa ukuba benze njalo ngenxa yesimo sezempilo, wukuxineka kakhulu ngesimo se-post-traumatic stress, kanye nezinye izimo ezibenza bangafaneleki ukuphatha izibhamu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.