Angase agcine ezimele yena osolwa ngokubiza iphoyisa ngekhafula

2017-09-26 18:00

Johannesburg - Angase azimele yena eNkantolo yeMantshi nyaseRandburg owesifazane ozwakala kwi-video ethuka iphoyisa elingumuntu omnyama, kutshelwa inkantolo.

Namuhla (ngoLwesibili) enkantolo, iMantshi uPravina Raghoonandan, itshela uVicky Momberg ukuthi angeke isavuma ukuba liphinde lihlehle icala lakhe futhi, uma ummeli wakhe engafiki enkantolo uzozethulela yena iziphakamiso zokugcina.

"Uma uJoe Davidovitz engafiki enkantolo, uzozimela wena," kusho uRaghoonandan etshela uMomberg ngaphambi kokuhlehlisa icala.

OLUNYE UDABA:Ibizwe ngekhafula intombazane, 13, ishaywa eKapa

Ngaphambilini ummeli uGreg Morris wacela ukuba lihlehliswe icala ngenxa yokungabi bikho kukaDavidovitz enkantolo ngoba engemuhle empilweni.

UMorris ube esekhipha incwadi kadokotela enkantolo wathi uDavidovitz uzotholakala ngomhlaka-13 Okthoba. 

Lo mmeli ube esethi bengakwazi ukuqhubeka necala ekupheleni kuka-Okthoba ngenxa yokuthi uMomberg uzobe engekho ehambele KwaZulu-Natal.

URaghoonandan, uthe uyasiqonda isimo sikaDavidovitz kodwa icala angakwazi ukulihlehlisela umhlaka-17 Okthoba.

Umshushisi uYusuf Baba ube esebhala phansi ukuthi uMomberg unezinsuku ezingu-21 ngaphambi kokuba aphinde avele enkantolo futhi lokhu kuzokwenzeka noma ngabe uyaqhubeka nommeli wakhe noma uthola omusha.

NgoFebhuwari, kwasabalala i-video kaMomberg, 48, ebiza iphoyisa ngekhafula ngesikhathi limsiza kulandela ukubanjwa inkunzi eNorth Riding, eGoli.

 - IVIDEO:

 - ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.