Angase ahlwithwe yiWits umdlali wePSL ogaqelwe yiChiefs nePirates

2017-06-27 12:30

Johannesburg - IBidwits Wits ibukeka iziyimfivilithi ekusayineni umdlali wasesiswini weChippa United, uThamsanqa Sangweni.

Lo kaputeni weChippa, inkontileka yakhe ezophela ngomhlaka-30 June, akasivuselelanga isivumelwano sakhe neChilli Boys kanti manje usekhonjwa kompetha bePremier Soccer League (PSL).

IKickOff.com ibike ukuthi umphathi weChippa, uSiviwe 'Chippa' Mpengesi, usacubungula iziphakamiso esezenziwe ngalo mdlali wasesiswini futhi uzomvumela ukuthi ahambe.

OLUNYE UDABA: Asemenyezelwe amagama abadlali abaphakanyiselwe ama-PSL Awards

USangweni, oneminyaka engu-28 ubudala, uthathwa njengomdlali osezingeni eliphezulu kanti ngaphambilini useke wayamaniswa nezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates.

Lo mdlali okwazi ukusebenziseka ngezindlela eziningi uzokwengeza izinga eliphezulu kwezikaGavin Hunt njengoba ekwazi ukudlala maphakathi nesisu noma adlale njengomdlali ohlaselelayo.

Ngaphezu kwalokho, amaClever Boys aphinde agaqele nokaputeni weMaritzburg United, uKurt Lentjies – nokunenqwaba yamaqembu amgaqale – njengoba efuna ukuqinisa isikwati ngaphambi kwesizini ka-2016/17.

IKickOff.com isanda kubika ukuthi iWits isanda kuphothula isivumelwano esisha nonozinti waleli qembu, uMoeneeb Josephs ngemuva kokuthi iqembu ayelidlalela, iPirates, labuza ukuthi lingakwazi yini ukumthola ngenhloso yokuxazulula izinkinga zalo esezidonse isikhathi eside zonozinti. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.