Angase angadlali oweSundowns egcina izinto zebandla lakwaShembe

2017-07-07 12:28
Johannesburg - IMamelodi Sundowns isikuqinisekisile ukuthi umdlali wayo, uSiyanda ‘Jojo’ Zwane, maningi amathuba okuthi angadlali emdlalweni wangeSonto weCAF Champions League uma ngabe leli qembu selitholene phezulu ne-AS Vita njengoba esesebhandeni.

UZwane - nobesanda kuvuselela inkontileka yakhe neqembu - ukhonza ebandleni iNazareth Baptist Church, kubika iKickOff.com.

"USiyanda Zwane usebhandeni ngezizathu zezenkolo," kusho umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, nobesanda kubhekana nesimo esicishe sifane ngabadlali bakhe ababili, uBangaly Soumahoro kanye noFares Hachi.

Laba dlali bobabili bakholwa ngokwenkolo yamaSulumane kanti kuye kwadingeka ukuthi babe sebhandeni inyanga yonke njengengxenye yomgubho wenyanga engcwele, IRamadan.

OLUNYE UDABA: Umdlali webhola ushaywe yizulu washonela enkundleni

Omunye umdlali okulindeleke ukuba angabi khona kulo mdlalo, uTiyani Mabunda, njengoba esalimele, kanti ngakolunye uhlangothi uWayne Arendse yena kulindeleke ukuthi abuyele ensimini njengoba eseqalile ukuziqeqesha ngokuphelele.

UMosimane kulindeleke afake isikwati esiqinile kulo mdlalo yize noma leli qembu selivele lidlulele emzuliswaneni wama-quarter-finals.

ISundowns izotholana phezulu ne-AS Vita ngeSonto kusihlwa (19:00) emdlalweni wayo wokugcina weqoqo enkundleni yezemidlalo iLucas Moripe Stadium.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.