Angase engezwe amacala abekwe u-Arthur Mafokate

2017-08-21 18:01

Johannesburg - Ziyanda izinkinga zenkosi ye-Kaito u-Arthur Mafokate kulandela ukuvela kwakhe eNkantolo kaMantshi yaseRandburg ngoLwesihlanu.

Ummeli kaBusisiwe "Cici" Thwala ovulele uMafokate, owayeyisoka lakhe, icala lokumshaya ngenhloso yokumlimza uthi uMafokate kumele abekwe elinye icala lokushayela ngobudedengu.

Kuthiwa abe-NPA basizwile isiphakamiso salo mmeli futhi bayalele iphoyisa okuyilona eliphenya ngaleli cala ukuba liphenyisise kabanzi ngalezi zinsolo.

OLUNYE UDABA:Ziyamnetha u-Arthur Mafokate oselaxazwe yintombi

Okhulumela i-NPA eGauteng uPhindi Mjonondwana uthe: “Umsolwa ubengakabuzwa ukuthi uyalivuma na noma uyaliphika icala abekwe lona ngakho-ke akukho okuvimba abe-NPA ukuba bengeze amanye amacala.”

Uqhubeje wathi uphenyo lusaqhubea futhi bayalwamukela lolu lwazi olusha abalutholile.

“Uma iphoyisa eliphenyayo seliqedile ngophenyo sizobe sesithatha isinqumo mayelana nokwengezwa kwamacala.” 

Kuvele ukuthi uMafokate uzamile ukuncenga uThwala ukuba udaba lwabo balulungisele ngaphandle kwenkantolo, kepha wanqaba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.