'Angazi kungani amaqembu aphesheya engamsayinisi uKhune'

2016-11-10 11:32

Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim 'Shakes' Mashaba, usezwakalise ukuncoma unozinti waleli qembu le sizwe, u-Itumeleng Khune, wamchaza njengomunye wonozinti abasezingeni eliphezulu emhlabeni jielekele.

“Ngokungangabazi ungomunye wonozinti abahamba phambili emhlabeni futhi ngisadidekile ukuthi kungani enye yamakilabhu aphezulu e-Europe ingakamsayinisi,” uMashaba ucashunwe kanjalo kwi-website yeSAFA ngemuva kwesithangami nabezindaba.

OLUNYE UDABA: Kungifanele ukuyodlala phesheya - Khune

Ngonyaka owedlule, unozinti wokuqala kuReal Madrid kanye naseqenjini lesizwe laseCosta Rica, uKeylor Navas, naye wazwakalisa ukuncoma lo kaputeni weKaizer Chiefs, wathi kuyaxaka ukuthi kungani esadlala kwiPremier Soccer League (PSL) esikhundleni sokuthola isivumelwano esizomholela itshe lemali kwenye yamaligi aphezulu e-Europe.

UMashaba uthi uKhune usezingeni elifanayo nonozinti abasezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele.

“Usezingeni lomhlaba futhi ungomunye wonozinti abayishumi abaphambili emhlabeni,” kuqhuba uMashaba.

Lo mqeqeshi uqhube wathi yize noma yena nethimba labaqeqeshi sebenabo abadlali abangu-11 abazoqala ngabo emqondweni, kodwa isinqumo sokuthi ubani uzofakwa enkundleni sizoncika ekutheni bazodlala kanjani uma beziqeqesha.

Uphinde wagcizelela ngokuthi asikho isidingo sokuthuswa amagama amakhulu abadlali beSenegal ngoba umlando wokuhlangana kwalama qembu ukhombisa ukuthi kuncane okuwahlukanisayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.