Angeke sixolise ngokuphawula kukaMalema ngamaNdiya - EFF

2017-08-01 09:33

Durban – Iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) ngoMsombuluko livikekele umholi walo, uJulius Malema, ngesitatimende asenze ngabomdabu waseNdiya, lathi alisoze laxolisa ngokugxeka ingcindezelo.

“Ngaso sonke isikhathi sihlangabezana nokuhlukumezeka kanye nengcindezelo yabantu bethu, kufanele sikubeke kucace, futhi singabalekeli ukuxoxa ngamanga emizwa yendlanzana,” okhulumela i-EFF, uMbuyiseni Ndlozi, usho kanjalo esitatimendeni.

“Uma ngabe ama-Afrika emalokishini amaningi evuka indlobane ngodlame kwabokufika olubhekiswe kumaPakistanis kanye namanye ama-Afrika asezwenikazi i-Afrika, siyabagxeka.

“Ngokulinganayo, ukucwaswa abantu base-Afrika ababhekana nakho ezandleni zosomabhizinisi abaningi kanye nemindeni yamaNdiya kumele kugxekwe futhi kumele kuphele.”

OLUNYE UDABA:USchabir Shaik uthi 'isilima' esinguMalema asazi lutho

Ngesikhathi i-EFF igubha ukuhlanganisa iminyaka emine eCurries Fountain Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo, uMalema uthe amaNdiya “mabi adlula ngisho amaBhunu”.

“Lesi akusona isitatimende sokulwisana namaNdiya, iqiniso. AmaNdiya angabanikazi bezitolo awabaholeli abantu bethu, kodwa babanika amaphasela okudla,” uMalema utshele izinkulungwane zabalandeli.

Ngemuva kwalesi sitatimende, usomabhizinisi waseThekwini owake waba sematheni nowayenguMluleki kaMengameli Jacob Zuma, uSchabir Shaik, uthe uMalema “akazi lutho”.

UShaik wakhululwa ngoshwele wokugula ngonyaka ka-2009 ngemuva kokulahlwa amacala okukhwabanisa ngonyaka ka-2005 wabe esigwetsha iminyaka engu-15 edonsa ejele.

Kodwa-ke uNdlonzi ukuchithile ukuphawula kukaShaik, wathi uShaik kumele agxile “ekuguleni kwakhe kokuzenzisa” ngaphambi kokuba leli qembu “linxuse ukuba kubuyekezwe ushwele wakhe”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.