Angeziwe amacala abhekene nonogada osolwa ngokunukubeza abafundi esikoleni

2017-10-13 19:34

Johannesburg - Asengu-44 amacala abhekene nonogada osolwa ngokunukubeza ngokocansi abafundi abangu-83 esikoleni saseSoweto, lokhu kuqinisekise uMnyango wezeMfundo eGauteng ngoLwesihlanu.

Ekuqaleni kwesonto, umphakathi wase-Orlando East usale ubambe ongezansi ngemuva kokuphuma kombiko wezinsolo zokunukubezwa ngokocansi kwabafundi abangu-54 esikoleni.

Lesi sibalo sisuke ku-54 sayohlala ku-83 phakathi nesonto ngemuva kokuba abanye abafundi bephumele obala ngokunukubezwa ngokocansi ngumsolwa.

UMnyango wezeMfundo uxoshe le ndoda, eboshiwe yathweswa amacala amathathu okudlwengula nelilodwa lokwenza okuphambene nomthetho.

OLUNYE UDABA:Unogada wesikole esiseSoweto uthweswe amacala amathathu okudlwengula

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uphinde wakhipha uthishanhloko nethimba lakhe kulesi sikoleni.

Le ndoda, 57, isivelile eNkantolo yeMantshi yaseProtea, icala lahlehliselwa isonto elizayo.

Abafundi abathintekile bathola ukwelulekwa ngokomqondo.

Isikhulumi soMnyango, uSteve Mabona, uqinisekise ukuthi kuzoba nomhlangano wabazali nongqongqoshe ozobe ubanjwe ngeSonto.

 - IOL


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.