Angibalekile - Lynne Brown

2018-03-02 12:32

Johannesburg - ULynne Brown, obenguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uthi akabalekile uphenyo oluzokwenziwa mayelana ne-state capture.

“Sengineminyaka engu-24 kwezepolitiki ngingalithathi ikhefu, sekuyisikhathi sokuba ngithathe umhlalaphansi, ngidedele intsha,” usho kanje etshela iDaily Sun ngocingo ngoLwesine.

UBrown uthi ufuna ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe.

Wesule ePhalamende kulandela ukukhishiwa esikhundleni sokuba uNgqongqoshe, nangesikhathi kuqhubeka uphenyo ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa okwenzeka kumabhizinisi kahulumeni.

OLUNYE UDABA: Umfana, 14, uphumele obala ngokujola nothisha

Uthi ngokwesula kwakhe akaqondile ukubalekela uphenyo oluzayo oluzokwenziwa yiKhomishini nge-State Capture.

“Sengimdala ukuba ngingalokhu ngiya kwamanye amazwe,” usho kanje ebuzwa ngokuyohlala eDubai.

Uthi uzoya ukuyokwethula ubufakazi uma ebizwa sekwenziwa uphenyo ngoba ungomunye walabo osekukade bethi akwenziwe uphenyo ngalolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.