Angidinganga isiNgisi ukuqokwa kuma-BET - Babes Wodumo

2017-05-26 12:30

Johannebsurg - IGqom Queen, uBongekile "Babes Wodumo" Simelane, ithi ayidinganga isiNgisi esiphezulu ukuze iqokwe kuma-BET Awards kodwa ukuqokwa kwayo kumayelana nomculo wayo "onswempu".

Lesi sihlabanu somculo esiqokelwe iBest International Act sitshele iTshisaLIVE ukuthi siyafa yinjabulo ngokuqokwa kwaso kuma-BET ngoba kuveze ukuthi ukungasikhulumi kahle isiNgisi akuhlangene nokukhipha umculo omnandi.

"Ngicabanga ukuthi ukuqokwa kwami kuveze ukuthi ukukhuluma kwami isiZulu akuzange kungivalele iminyango kodwa kunalokho kungivulele yonke iminyango. Angidinganga ukukhuluma isiNgisi ukuze abama-BET bangazi."

OLUNYE UDABA:Kusolwa ithimba ngokonela uBabes Wodumo izinto

UBabes uthe angase anandise kwezinye izindawo zakhona le eMelika waqhuba ngokuthi akumkhathazi ukuthi izihlwele zangale zizomuzwa noma cha ngoba umculo wakhe uzozithokozisa.

"Umculo nomdanso wami uhlale ushiya abantu bejabulile, ngakho-ke ngizokwenza ezibukwayo. Ngaphezu kwalokho ngiyaziqhenya ngokuba yintombi yomZulu futhi lokho angeke kushintshe. Ngibheke nje manje, mhlawumbe ngingase ngizithole ngiphole noRick Ross nje," kusho uBabes.

UBabes usedlule ebunzimeni obuningi "ehlukunyezwa" ngokukhetha ukukhuluma isiZulu nokungakwazi ukushibilika olimini lwesiNgisi.

- SundayWorld

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.