Angifuni ukungenela umbango wesokuhola i-ANC - Motlanthe

2017-01-24 13:00

Johannesburg – Lowo owayeyiphini likamengameli wezwe uKgalema Motlanthe usechithe izinsolo ezithi ufuna ukuthatha isikhundla kuMengameli Jacob Zuma.

"Mina angizimisele ukungenela umbango wokuba ngumengameli. Ngicabanga ukuthi kuwumqondo obhedayo ukubuyisa abaholi asebaphuma ezikhundleni,” kusho uMotlanthe.

Engxoxweni abenayo nomsakazo iPower FM, uMotlanthe uthe ukholelwa ukuthi angaba namagalelo angcono ekufundiseni ngepolitiki.

"Akumele bayicabange nakancane leyo, akuwona umqondo omuhle.”

I-ANC izobamba ingqungquthela ka-54 yokukhetha ubuholi  ngoDisemba.

OLUNYE UDABA: "UMalema ungumfana omncane ongazi lutho"

Nakuba uMotlanthe ethe ngeke abaphebeze kabi abathi akangenele ukhetho, uthe uzofuna izindlela zokubenza bakuqonde ukuthi kungani kumele kube nabaholi abasha.

Ngokwemibiko uMotlanthe, owabamba kwesokuba uMengameli ngesikhathi i-ANC ixosha uThabo Mbeki, ubonwa ngabanye njengomuntu ongathatha izintambo kuZuma ngoDisemba ukuze kuzophela ukwahlukana okukhona, kube nobumbano.

Ekhuluma ngengqungquthela yaseMangaung, lapho ehlulwa khona uZuma, uMotlanthe uthe wayazi ukuthi uzokwehlulwa, kodwa wangena embangweni ngoba ehlonipha amagatsha ayemphakamisile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.