Angiguli, nginciphile - Malema

2016-08-02 20:10

Cape Town – UMholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) osemncanyana ngomzimba uJulius Malema uthe uzimisele ngokuhlolela i-HIV phambi komphakathi ngoba efuna ukufakazela ukuthi uciphe ngoba ethanda.

Kunamahlebezi abezungeza ukuthi ukuncipha kwalo mholi  kungenzeka ukuthi kungenxa yokuphathwa yisifo sikashukela noma i-HIV/AIDS.

OLUNYE UDABA: UMalema uthi i-ANC iyakopela iyizilima

Ngokombiko we-The Citezen uMalema utshele abebehambele umcimbi we-EFF eMeropa Casino ePolokwane, eLimpopo ngoMgqibelo ebusuku ukuthi akanciphile ngoba egula.

Uthe usezizwa engono kakhulu mgokwempilo futhi usenomdlandla waze wenza ihlaya ngokuba wuqanfuqandu ekamelweni.

"Angiguli. Ngiyazinakekela nje. Ngingahlolela noma yisiphi isifo phambi komphakathi noma yikuphi. Ayikho inkinga. Ngisho "nenduku" yami isasebenza kahle."

UMalema uliyekile ibhodlela wehlisa kukudla okunoshukela kanti futhi usenciphisile nasophuthwini.

NgoMeyi iSowetan Live yabika ukuthi okhulumela iqembu uMbuyiseni Ndlozi waqinisekisa ukuthi uMalela useqalile ukuyozivocavoca ejimini kanti futhi usedla kahle.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.